Share

Uthuke kabi owesimame elethelwa umlotha kamngani wakhe ngoplasitiki

Durban - Usathukile owesimame waseThekwini kulandela ukunikezwa umlotha womzimba kamngani wakhe ngocwazi wakwaShoprite.

UCarla Britz-Borges ukwenze umsebenzi wakhe ukuqinisekisa ukuthi umngani wakhe uvaleliswa ngesizotha.

“Ngizamile ukucinga abazali bakhe kodwa ngagcina ngithole umfowabo kanye nodadewabo abanikela ngemali yokuqhuba inkonzo yokuthi alothiswe.

“Enye imali ngiyiboleke kubaba niengoba ngingasebenzi,” kusho yena.

Le ntokazi ithi icele uTony Naidoo wePhoenix Funeral Service ukuba amlethele umlotha ugoqwe kahle khona azowusakaza ogwini oluseningizimu yesifundazwe.

OLUNYE UDABA:Ubuyiselwe kuleli umlotha kaJanice Linden

NgoLwesibili ekuseni umshayeli osuka kula bangcwabi  kuthiwa ufike kwaBritz-Borges nocwazi wakwaShoprite uqukethe umlotha.

“Umlotha ubuchitheka kulo cwazi. Lokhu kungicasule kabi ngoba ngenze umsebenzi omkhulu ukuhlonipha umngani wami kodwa ekugcineni banginikeza umlotha wakhe ngocwazi,” kusho yena.

UBritz-Borges uthathe isithombe salo cwazi wasifaka enkundleni uFacebook.

Lo wesimame uthe ukhokhe imali engango-R5 200 kule nkampani kodwa akajabule neze ngokusebenza kwayo.

Ngesikhathi abezindaba bekhuluma noTony Naidoo uthe akacelwangwa ukuba awugoqe kahle umlotha. Uthe yingakho bewufake eplasitikini ngoba bazi ukuthi uyolahlwa.

“Ngixolisile kulo wesimame kodwa akazange angicele ukuba ngiwugoqe kahle umlotha," esho, kubika iTimeslive.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 466 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 1013 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE