Johhanesburg - Umama oneminyaka engu-20 ubudala wazama ukudayisa ingane yakhe kuGumtree ngoba efuna ukukhokhela owayeyisoka lakhe imali abondla ngayo ingane ngaphambi kokuzwa ukuthi akusiyo ingane yakhe.
Lo wesifazane waseMgungundlovu ulivumile icala lokushushumbisa umuntu ngesikhathi efaka ingane yakhe enezinyanga ezingu-19 izelwe kuGumtree, eyidayisa ngemali engu-R5 000.
Lo mama uthi owayeyisoka lakhe ufune ukubuyiselwa imali yakhe engu-R24 000 abondla ngayo ingane.
OLUNYE UDABA: Uzogwetshwa ngozayo owazama ukudayisa kuGumtree
Umsolwa uthi owayeyisoka lakhe wafuna ukuba kwenziwe ulibofuzo ngemuva kokuqubuka kwengxabano phakathi kwabo.
Ngemuva kwamasonto amabili kwenziwe ulibofuzo owayeyisoka wathume umsolwa imiphumela eyayiveza ukuthi akasiye uyise wengane.
NgoSepthemba umsolwa wakhangisa kuGumtree ngokudasisa ingane.
“Ngemuva kwezinsuku ezimbili kwesikhangiso ngathola ucingo oluvela kumuntu wesifazane ethi uyayifuna ingane.”
Umsolwa wadedelwa ngebheyili yemali engu-R2 500 kanti uzovela ngoFebhuwari eseyolalela isigwebo sakhe, kubika iTimes Live.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho