Johannesburg – Uza kuleli umcnintiswano wokukhethwa kowesilisa omubi kunabo bonke eNingizimu Afrika, uMr Ugly SA, oqale ukugqama ngesikhathi ubanjelwe eZimbabwe.
UMr Ugly SA uzobanjelwa eLibrary Gardens, eLimpopo, ngoMashi wonyaka ozayo.
Ozodla umhlanganiso uzothola i-tablet ka-R3 500 ne-airtime ka-R200.
UMr World Ugly wona uzobe usubanjelwa eZimbabwe ngo-2017.
OLUNYE UDABA: Bakhala ngokuthi akamumbi onqobe oka'Mister Ugly'
UDJ Kiasto utshele iDaily Sun ukuthi lo mncintiswano uzisiza abantu baseLimpopo abadla imbuya ngothi.
“Imali okuzongenwa ngayo kulo mncintiswano izonikelelwa amakhaya ezintandane nabadala,” esho.
Ophume isibili uzothola i-tablet ka-R2 500 ne-airtime ka-R150.
UKiasto ucele abangathanda ukungenela lo mncintiswano ukuba bathumele izithombe zabo ku-INFO@MAXISKYMEDIA.COM.
“Abazimisele ngokungenela lo mncintiswano bayaziswa ukuthi izicelo zizokwamukelwa ngoJanuwari.”