Durban – Owesifazane oneminyaka engu-20 ubudala owazama ukudayisa ingane yakhe kuGumtree ulivumile icala lokushushumbisa umuntu nokwephula iChildren’s Act.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority uNatasha Ramkisson-Kara uthe uZama Bongiwe Madlala ulivumile icala lakhe ngoMsombuluko ekuseni eNkantolo yesiFunda yaseMgugundlovu.
Leli cala libe selihlehliselwa uFebhuwari 29 ukuze kuqoqwe imiqingo edingekayo, bese eyagwetshwa uMadlala.
OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo owadayisa ingane kuGumtree
UMadlala zamkhalela ngemuva kokuthi amaphoyisa elunywe indlebe ngesikhangisi sakhe.
URamkisson-Kara uthe okwamanje uMadlala usaboshelwe indlini.
Ingane ayezama ukuyidayisa isendaweni ephephile.