Durban – Umholi we-EFF uJulius Malema wethule akubize ngenkulumo “yangempela” ebhekiswe esizweni ngaphandle kwePhalamende, eqophisana nezwi likaMengameli Jacob Zuma ebeligqoma ezipikheni.
"Le ndoda kuseyiyo le evumile ukuthi yephula umthetho nesifungo sayo,” kusho uMalema, ekhomba uZuma kumabonakude obuphambili kwakhe.
Lokhu kulandela ukuthi iqembu lakhe lixoshiwe ePhalamende ngenxa yokuphazamisa umengameli ekhuluma, kanti futhi abazange basukume ngesikhathi umengameli engena.
Buka i-video ngezansi: