Johannesburg - NgoLwesihlanu kwadutshulwa kwabulawa ibhungu elineminyaka engu-16 ubudala kanti kusolwa ubaba wakhe ongamzali.
Ngokusho komakhelwane iphutha laleli bhungu kwaba wukunqaba ukuthunywa esitolo ethunywa ngubaba wakhe ongamzali.
UMuziwenkosi Xaba, 38, ongumakhelwane waleli bhungu eDoornkop block 10 eSnake Park, eSoweto uthe okwenzeka kwashiya izakhamizi zishaqekile.
OLUNYE UDABA: Inkantolo ivume ukuthi adivoswe ogoloze ukwenza ukudla
"Sezwa ukuthi lo baba wayefuna ukumthuma esitolo kodwa wanqaba.
"Le ndoda yabe isilishaya leli bhungu, lase liziphindiselela.
"Yilapho ke lo baba akhipha isibhamu wayidubula," usho njalo.
UXaba uthe ngesikhathi sesigameko umama wayengekho.
"Ngemuva kwesigameko ubaba wanyamalala."
Ngesikhathi izakhamizi zizwa ngesigameko, zasola umama ngokuhluleka ukuvikela indodana yakhe. Zaya emzini wakhe ziyombuza.
Kuthiwa umama wabaleka endaweni njengoba ayesabela impilo yakhe.
Omunye umakhelwa uthe okwenzeka akubajabulisanga abantu.
"Savele sabona ngeloli ethutha impahla yalayisha ifenisha ngemuva kwalokho akuphindanga kwabonalkala muntu kulowamuzi. Sicabanga ukuthi umama wabaleka ngoba esabela impilo yakhe."
Asikho nesisodwa isakhamizi esaziyo ukuthi wabalekelaphi lo mama noma walandela isoka lakhe yini.
Okhulumela amaphoyisa aseDobsonville uConstable Mzwakhe Xazi uqinisekise isigameko.
"Amaphoyisa athungatha indoda ukuze izokwazi ukubalekelea ekuxazululile icala lokubulala," kusho uXazi.
"Uphenyo lwakamuva luveza ukuthi umsolwa kungase kube ngubaba walo mfana."
Amaphoyisa acela onolwazi ngomsolwa ashayele amaphoyisa ku-08600 10111 noma awathumele umqhafazo ku-3221.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter