Share

Wadutshulwa wabulawa umfana owagoloza ethunywa esitolo

Johannesburg - NgoLwesihlanu kwadutshulwa kwabulawa ibhungu elineminyaka engu-16 ubudala kanti kusolwa ubaba wakhe ongamzali.

Ngokusho komakhelwane iphutha laleli bhungu kwaba wukunqaba ukuthunywa esitolo ethunywa ngubaba wakhe ongamzali.

UMuziwenkosi Xaba, 38, ongumakhelwane waleli bhungu eDoornkop block 10 eSnake Park, eSoweto uthe okwenzeka kwashiya izakhamizi zishaqekile.

OLUNYE UDABA: Inkantolo ivume ukuthi adivoswe ogoloze ukwenza ukudla

"Sezwa ukuthi lo baba wayefuna ukumthuma esitolo kodwa wanqaba.

"Le ndoda yabe isilishaya leli bhungu, lase liziphindiselela.

"Yilapho ke lo baba akhipha isibhamu wayidubula," usho njalo.

UXaba uthe ngesikhathi sesigameko umama wayengekho.

"Ngemuva kwesigameko ubaba wanyamalala."

Ngesikhathi izakhamizi zizwa ngesigameko, zasola umama ngokuhluleka ukuvikela indodana yakhe. Zaya emzini wakhe ziyombuza.

Kuthiwa umama wabaleka endaweni njengoba ayesabela impilo yakhe.

Omunye umakhelwa uthe okwenzeka akubajabulisanga abantu.

"Savele sabona ngeloli ethutha impahla yalayisha ifenisha ngemuva kwalokho akuphindanga kwabonalkala muntu kulowamuzi. Sicabanga ukuthi umama wabaleka ngoba esabela impilo yakhe."

Asikho nesisodwa isakhamizi esaziyo ukuthi wabalekelaphi lo mama noma walandela isoka lakhe yini.

Okhulumela amaphoyisa aseDobsonville uConstable Mzwakhe Xazi uqinisekise isigameko.

"Amaphoyisa athungatha indoda ukuze izokwazi ukubalekelea ekuxazululile icala lokubulala," kusho uXazi.

"Uphenyo lwakamuva luveza ukuthi umsolwa kungase kube ngubaba walo mfana."

Amaphoyisa acela onolwazi ngomsolwa ashayele amaphoyisa ku-08600 10111 noma awathumele umqhafazo ku-3221.

-DailySun

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 373 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 510 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.90
-0.0%
Rand - Euro
20.43
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.1%
Platinum
908.50
+1.3%
Palladium
1,017.25
+1.5%
Gold
2,221.02
+1.2%
Silver
24.85
+0.9%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.8%
Resource 10
57,251
+2.8%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE