Share

Wangiphoxa kakhulu uZille ngesenzo sakhe - Maimane

Johannesburg – Umholi weDemocratic Alliance uMmusi Maimane utshele izindaba ze-Eyewitness News ukuthi kwamjabhisa ukuphawula kukaHelen Zille ngohulumeni wengcindezelo.

UMaimane uthi lokho kwenza ubudlelwane babo babanzinyana, kusho lo mholi okhulume ngokukhethekile ne-EWN.

UZille uzoqondiswa izigwegwe ngaphakathi eqenjini kulandela ukuthi uMaimane adlulisela udaba lwakhe ekomidini lezomthetho leqembu.

OLUNYE UDABA: UZille uzoqondiswa izigwegwe ngakubhale kuTwitter – Maimane

UZille wavusa umsindo ngesikhathi ebhala enkundleni yezokuxhumana uTwitter wathi akulona iqiniso ukuthi konke okwakwenziwa uhulumeni wengcindezelo kwakukubi.

Lo Ndunankulu waseWestern Cape wabhala kanje kuTwitter: “Ngingena ebhanoyini manje futhi angeke ngingene ku-Wi-Fi ukuze ngizonqamula labo abacabanga ukuthi yonke into eyashiywa uhulumeni wengcindezelo yayiyimbi.

“Kulabo abacabanga ukuthi okwashiywa uhulumeni wengcindezelo kwakukubi kuphela, cabanga ngezobulungiswa zethu ezizimele, ingqalasizinda yezokuthutha, amanzi asemapayipini nokunye,” eloba.

Wabuye waxolisa ekuhambeni kwesikhathi.

“Ngiphoxeke kakhulu,” kusho uMaimane kule ngxoxo, mayelana nesenzo sikaZille.

“Ubudlelwane bethu abusafani nakuqala manje, izinto sezinzima, lokho akubuzwa. Ukuphawula kwakhe ngaleya ndlela kwasilimaza kakhulu isithunzi seqembu njengoba kuyiwa okhethweni,” esho.

Uqhube wathi, ngokwakhe, uyavuma ukuthi ukuphawula kukaZille kubukela phansi isithunzi sabantu base-Afrika.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
3% - 4 votes
Hardly - I prefer streaming online
67% - 86 votes
Sometimes - it depends on the film release
30% - 39 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
-0.1%
Rand - Pound
23.75
-0.3%
Rand - Euro
20.31
-0.1%
Rand - Aus dollar
12.26
-0.2%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
952.10
-0.1%
Palladium
1,035.00
0.0%
Gold
2,381.66
+0.9%
Silver
28.49
+0.9%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
66,846
-0.1%
All Share
72,908
-0.1%
Resource 10
62,761
-1.0%
Industrial 25
98,057
+0.2%
Financial 15
15,413
+0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE