Johannesburg - Yekelani ukwenza ucansi nabantu abehlukene ukuze niphile isikhathi eside! Lawa ngamazwi kagogo uNtlameng Moeketsi, oseneminyaka engu-102 edla anhlamvana.
UGogo Ntlameng ukholelwa ukuthi isizathu esimenze waphila isikhathi esingaka ukuthi wayezinakekela esakhula.
“Ngendla izingane zethu ezimitha ngayo zingashadile, ngiyangabaza ukuthi zizobakhona izaguga esikhathini esizayo.
“Ubani ozolandisa ngomlando?”
Lo gogo waseDeemster Farm eClocolan, eFree State, ukholelwa ukuthi kungumsebenzi wakhe ukweluleka abantu besifazane ngokuziphatha ngaphambi kokuba alale kobandayo.
Funda nalolu daba: Ulimale engozni yemoto unogada wephini likaMengameli
Utshele iDaily ukuthi: “Kumele bangajahi izindaba zomathandana. Ucansi ngaphambi komshado kululaza isithunzi zamantombazane ethu,” kusho ugogo.
“Mina ngashada ngineminyaka engu-18 ubudala futhi umyeni wami wangilobola ngezingu-12 izinkomo. Lokhu kwakukhomba khona ukuthi ngaziphatha kahle ngaphambi komshado.”
Lo gogo unezingane ezingu-8, abafana bodwa. Uyedwa kuphela osaphila kubona.
Kodwa unabazukulu abangu-26 nesizukulwane esingu-32.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.