London - Inkampani yabameli eLondon ifuna ukuthathela iBritish Airways izinyathelo zomthetho ngemuva kwezinsolo ezithi omunye wabashayeli bayo wanukubeza ngokocansi amantombazane aneminyaka engu-16 ubudala eKenya, Uganda nase-Tanzania.
Ummeli wenkampani iLeigh Day, uNichola Marshall, ngoLwesithathu uthe umshayeli wamabhanoyi uSimon Wood wayephumelela ekunukubezeni izingane ngenxa yomsebenzi wakhe wokusebenzala le nkampani yamabhanoyi.
IBritish Airways ithe kuyathusa lokhu futhi isamangele ukuzwa lezi zinsolo, le nkampani ithi lokhu akuhlangene nayo ngoba ayekwenza umsolwa wayezenzela yena engathunyiwe yinkampani.
Inkampani ibe isizwakalisa ukuzwelana nemindeni yezisulu.
UWood washayiswa yisitimela washona ngonyaka odlule ngaphambi kokuba aphendule ngamacala akhe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho