isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Abanye ababulewe eSyria

2012-05-18 14:04
Beirut - Sekuphinde kwashona abanye futhi abantu abayisikhombisa eSyria ngesikhathi amasosha evulela ngenhlamvu kubantu ekade beyokhuleka ngoLwesihlanu, kusho izishoshovu zeqembu eliphikisayo.

Ababulewe kuthiwa bayingxenye yababhikishi ekade beyokhuleka belwasana nohulumeni.

"Bahlanu abantu ababulewe eHoms, abanye ababili babulawe ezindaweni ezehlukene enhlokodolobha iDamascus," kusho isishoshovu u-Omar Homsi.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)