Abuja - Kumnandi ukuhlala ugqolozele isithandwa sakho emehlweni, kodwa ukubukana akuhlale njalo kunezinhloso ezifanayo.
Ucwaningo olwenziwe yi-University of Chicago luthi abaningi abakwazi ukuhlukanisa noma isithandwa sisuke simbuka ngamehlo acela uthando noma simbuka ngawacala ucansi, kusho abezindaba zeMen's Health.
Bheka lolu daba: Amathiphu asekamelweni bosisi
Ucwaningo luthi uma owesifazane ezimisele ngocansi, akagcini ngokukubuka emehlweni kuphela kodwa ugijima nawe ezingxenyeni ezinye zomzimba.
Uma kwenzeka-ke umbona ekugqolozele, ungajahi ukuzenza inkakha, kungenzeka ukuthi ugcwele uthando akafune cansi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.