Cape Town - Amalungu ephalamende eMelika azimisele ngokukhombisa ukweseka elakwa-Israel.
Ngesikhathi amazwe amaningi ebukela impi eqhubeka eGaza, enxusa ukuba kubekwe phansi izikhali, izikhulu zaseMelika zicindezela uhulumeni ka-Obama ukuba ungathathi isinyathelo esizofakela ingcindezi elakwa-Israel.
Iningi ligxeka imizamo kahulumeni waseMelika yokunqanda umdlame oselubulale abantu abangapghezulu kuka-1,000, inigni labo okungabasePalestine selokhu kuqale inyanga.
USomlomo uJohn Boehner (BAY'-nur) ngoMsombuluko uthe uhulumeni kumele ume nelwaka-Israel, asebenzisane nabo.
Muva nje, iDemocrats neRepublicans bebefuna kwengezwe isibalo samashosha aseMelika azosebenzisana nezwe lakwa-Israel.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).