Istanbul – UMengameli waseTurkey uRecep Tayyip Erdogan ukhwele wadilika kwabesifazane abazitshela ukuthi bayalingana nabesilisa ngokwamalungelo futhi wakubeka kwacaca ukuthi abesifazane abalingani nhlobo nabesilisa.
Kubikwa ukuthi lo mengameli usole laba abesifazane abakholelwa ukuthi banamalungelo alinganayo nabesilisa njengalabo abalaxaza umsebenzi wokuba ngumama.
Ekhuluma kwingqungquthela emayelana nomthetho kwabesifazane ebibanjelwe e-Instabul u-Erdogan ongaphansi kwenkolo yamaSulumane uthe ukuhlukana kwendlela abesilisa nabesifazane abadalwe ngayo kuchaza ngokusobala ukuthi ngeke benze umsebenzi ofanayo.
OLUNYE UDABA: Abesifazane bazogodla ucansi ukuzama ukuqeda impi
“Inkolo yethu iyichaza kahle indawo yomuntu wesifazane emphakathini, lokho ke wukuba wumama,” kusho lo mengameli kule ngqungquthela ebihanjelwe ngabesilisa nabesifazane.
“Abanye bazokuqonda engikushoyo kanti abanye ngeke.
Lokhu engikuchazyo ngeke ukuchazele abasefazane abazilinganisa nabesilisa ngoba abakwamukela ukuba ngomama,” kusho u-Erdogan.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho