New York - Kuyinto eyaziwayo ukuthi iningi labantu abade lenza kangcono emsebenzini uma kuqhathaniswa nozakwabo abafishane.
Akugcini nje kuphela ekutheni u-90% wabantu abasezikhundleni eziphezulu emsebenzini bade ngesidumbu, ucwaningo seluveze ukuthi ukuba mude kunyusa amathuba amaningi, kubike iTimeslive.
Ngemuva kocwaningi olwenziwe eNew York, eMelika, kuthiwa maningi namathuba okuthi umuntu omude ahlale emshadweni kunomuntu omfishane.
Ucwaningo lwePanel Study of Income Dynamics, olwenziwe emindenini yabaseMelika, kusukela ngo-1968, abacwaningi bathole ukuthi abantu besilisa abade bayashadelwa kakhulu kunabantu besilisa abafishane, futhi bayashesha ukuthola uthando.
Ngokwezibalo, abantu abade maningi futhi amathuba okuthi bashadelwe ngabantu abadala kunabo futhi abafunde kakhulu.
Akukubi kangako nakubantu besilisa abafishane ngoba kuthiwa liphansi izinga ledivosi nakubona.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).