Kathmandu – Izinkulungwane zezakhamuzi ezisabela izimpilo zazo zishiye amakhaya azo kulandela ukubihlika komhlaba ubusuku bonke okungase kuholele ezikhukhuleni eNepal, kusho izikhulu.
Lokhu kubihlika komhlaba, okwenzeke phakathi kwamabili, kugcwalise udaka eKali Gandaki River, nokudale ukuthi amanzi aphakame, kusho isikhulu sendawo uYam Bahadur Chokhal.
OLUNYE UDABA: Sekuhlasele olunye usizi futhi eNepal
"Sesikhiphe abantu ababalelwa ekhulwini ezindaweni ezithintekile, izinkulungwane sezivele zibalekile zashiya amakhaya,” kusho uChokhal etshela i-AFP.
Lokhu kuza ngemuva kwezigameko ezimbili zokuzamazama komhlaba okubulale abantu ababalelwa ku-8 600, kwathi izinkulungwane zasala dengwane.