Cape Town - Amabhanoyi e-Emirates ngeke asadlula e-Iraq ngenxa yesimo esimanzonzo esiqhubekayo kuleliya lizwe, lokhu kuze ngemuva kokuba emasontweni amabili edlule kudutshulwe i-MH17 e-Ukraine, kusho umengameli wenkampani uTim Clark etshela iThe Times ngoMsombuluko.
Balinganiselwa kwabangu-300 abantu abashona ababesebhanoyini iMalaysia Airlines MH17 elawela e-Ukraine emasontweni amabili edlule.
"Ngeke sikwazi ukuqhubeka nokuthi, ‘lolu udaba lwezombusazwe’. Kuzomele senze okuthile,” kuqhuba uClark.
UClark uqagula ukuthi namanye amabhanoyi azolandela esinqumeni sabo, angabe esahambela ngase-Iraq.
Ibhanoyi laseMalaysia, i-MH17, lalisuka e-Amsterdam liya eKuala Lumpur linabagibeli abangu-298 ngoJulayi 17 ngesikhathi lidutshulwa eGrabove.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.