Aachen - Axoshiwe emsebenzini amanesi amahlanu asesibhedlela esiseJalimane, ekutholakale ukuthi asabalalisa izithombe zeziguli, esebenzisa i-internet, kusho okhulumela i-Aachen University Hospital.
Ngokusho kombiko wamaphephandaba ase-Aachen, amanesi ayethumelelana izithombe zesiguli esebenzisa inkundla yokuxhumana iWhatsApp, kuxoxwa ngokukhubazeka kweziguli nokugula kwazo.
Okhulumela isibhedlela uMathias Brandstaedter uthi amanesi ayesebenza egumbini labagula kakhulu.
Funda nalolu daba: Usola amanesi umama wengane eshonile
"Abakwenza kuphambene kakhulu nomthetho. Awuthi unakekela abantu ube ubathwebula izithombe," kusho uBrandstaedter.
Amaphoyisa ayaphenya noma kwenziwe ubugebengu yini ngalezi zithombe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.