Washington – Amaphoyisa asedolobheni laseMelika eCleveland adubule abulala ingane yomfana engumuntu omnyama eneminyaka engu-12 ubudala.
Kuthiwa le ngane ibihamba ikhomba abantu ngento okugcine kutholakala ukuthi yisibhamu sethoyizi, kusho izikhulu kanye nemibiko ngeSonto.
Isehlakalo sokudubula e-Ohio senzeke isimo sisemanzonzo eMelika
ngokucwasa ngokwebala, njengoba namanje kusalindwe isinqumo mayelana nokuthi
kumele yini lithweswe icala iphoyisa eladubula labulala ibhungu lomuntu omnyama
ngo-Agasti eSt Louis, eFerguson.
Funda nalolu daba: Idelakufa liziqhumise bhebhomu emdlalweni wamanqamu.
Kulesi sehlakalo sakamuva, amaphoyisa abizelwe endaweni yesehlakalo ngoMgqibelo afike adubula umfana amahlandla amabili, ngemuva kwemibiko ebithi ubehamba ekhomba abantu ngesibhamu.
Umfana , ohlonzwe njengoTamir Rice, ushone ngeSonto ekuseni,
kubika iphendaba lendawo iThe Plain Dealer.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.