Gloucester - Akukholakali ukuthi amantombazane aneminyaka engu-18 ubudala angamawele njengoba engafani nakancane.
ULucy noMaria Alymer basendaweni yaseGloucester eLondon bazalwa owesilisa oyiCaucasian uVince nonina wabo odabuka eJamaica uDonna, kubika abe-World Wide Feature
Ngokombiko weHuffingtonPost laba balanywa ezinye izingane ezine kanti zona ziyabonakala ukuthi ngezandawonye kodwa uLucy noMaria bona abafani nhlobo bahluke ngisho nangebala nezinwele imbala.