Share

Babanjiwe abafihle amawashi ezithweni zangasese

Las Vegas – Kuboshwe abesifazane abathathu abatholakale befihle amawashi ohlobo lweRolex ezithweni zabo zangasese eLas Vegas. 

Ngokubika kwe-Timeslive abesifazane abathathu bahlangane nabesilisa abathathu baseNdiya ehhotela i-Encore.

Kuthiwa bonke bangene egumbini elilodwa lasehhotela bazithokozisa ngocansi.

Kubikwa ukuthi ngemuva kokujabulisana laba besifazane baphumile kuleli gumbi bahamba.

Umbiko uqhuba uthi ngesikhathi laba besifazane sebekwi-lift umabonakude oqopha ngaphakathi uqophe ababili bephethe okuthile bekushutheka ezithweni zabo zangasese. 

Ngokombiko kuthiwa la mawashi elilodwa belibiza isamba semali esilinganiselwa ku-R127 976 elinye libiza u-R42 658.

Kuthiwa laba besilisa bathinte amaphoyisa ngemuva kokuthola ukuthi amawashi wabo awasekho.

Amaphoyisa aphume umkhankaso athungatha laba besifazane.

Kuthiwa laba besifazane batholwe sebengene kwenye yamatekisi sebethi bacela empunzini.

Amaphoyisa abaseshile abakhumula ngaphambi kokuthi bathole ukuthi la mawashi asezithweni zabo zangasese. 

Kubikwa ukuthi laba besifazane okungagcine kungacacanga ukuthi bangabaqwayizi noma cha, babese sebeboshwa nokulindeleke ukuthi babhekane necala lokweba.  



   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 481 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 1061 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE