“I-IS namhlanje ikhande ngamatshe indoda ephumele obala yathi ithandana namadoda,” kusho iSyrian Observatory for Human Rights, inanela ngokuthi isisulu lesi sibalelwa eminyakeni eko-20 ubudala.
Lo wesilisa ubulawe eMayadeen, empumalanga nesifundazwe iDeir Ezzor, ngasemngceleni wezwe ne-Iraq.
OLUNYE UDABA: 'Zingathandana esithe izitabane
Kwesinye isigameko sangoLwesibili, owesilisa, 18, naye ukhandwe ngamatshe waze waphuma umphefumulo ngemuva kokuthi le nhlangano ithe uyisitabane.
Izishoshovu zithi la madoda abulawe ngoba emelene ne-IS, hhayi ngoba eyizitabane.
I-IS isike yakhuzwa yi-United Nations ngokukhanda ngamatshe abesifazane abasolwa ngokuphinga.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho