Ngokusho kwabezindaba i-ABC lokhu kwenziwe ngoba othisha besikole bebehlezi befica indle njalo endaweni yokuzivocavoca esikoleni.
Abafundi bahlukanisiwe babekwa emakilasini ahlukene – abafana bodwa namantombazane woda.
Babesebetshelwa ukuthi mabakhumule amabhulukwe ukuze othisha bezobheka lo mfundi ogangile.
"Bengingakhululekile ngesikhathi ngikwenza," kusho umfundi oneminyaka engu-11 ubudala.
OLUNYE UDABA: Othisha bakhathazekile ngomdlalo 'wokudlwengulana'
Ngokusho kwesikhulu uKen Baugh, umnyango uyaphenya ngalolu daba, kubiak iTimes Live.
"Akulungile lokhu, kanti futhi asiyithetheleli into enje," kusho uBaugh.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho