Kiev - Udlame oluqhubeka e-Ukraine seluphoqe abantu abangaphezulu kwengxenye yesigidi ukuba bashiye amakhaya abo, kusho i-UN ngoLwesibili, yaxwayisa ngokuthi izinxushunxushu zingase zibeke engcupheni izwe lonke.
Balinganiselwa kwabangu-260 000 abantu asebeshiye amakhaya abo e-Ukraine, kusho okhulumela i-UNHCR, u-Adrian Edwards, oqhube wathi abanye bafuna ukubhaciswa ezweni laseRussia.
Lezi zibalo okwamanje kusayilezo eziqagulwayo, usho kanje, waphinde wathi iningi lihlala nezihlobo nabangani, kanti alifuni ukubhalisa kwiziphathimandla uma lifika eRussia.
Ngo-Agasti 20, i-UNHCR yathi balinganiselwqa kwabangu-190,000 abantu abashiye amakhaya abo e-Ukraine, kanti iMoscow yona yathi balinganiselwa-197 400 ababalekele eRussia.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.