London – Ubaba waseBrithani owashonelwa yindodana yakhe ngesikhathi kuphahlazeka ibhanyoni i-MH17, uthe kumele kuphele ukulwa okuqhubeka endaweni okwaphahlazeka kuyona indiza ukuze bazokwazi ukuthola izidumbu ezisasele, usho kanje ngesikhathi ehlangana noNdunankulu uDavid Cameron ngoLwesibili.
UBarry Sweeney, indodana yakhe uLiam eyayisebhanoyini elalithwele abantu abangu-298 abashona, uzwakalise ukudinwa kwakhe njengoba namanje engazi ukuthi sikuphi isidumbu sendodana yakhe eneminyaka engu-28 ubudala.
Yena nonkosikazi wakhe, u-Angela, bayingxenye yemindeni eyishumi yaseBrithani eyalahlekelwa kule nhlekelele ye-MH17, abahlangane noNdunankulu ngoLwesibili.
"Ngizizwa nginokudinwa. Kungaba kuhle ukuba bayeke ukulwa kancane ukuze sizokwazi ukuthola izidumbu zabathandiweyo bethu,” kusho uSweeney.
Ukulwa ngoMsombuluko kuvimbele ukuba ongoti bafinyelele endaweni yesehlakalo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.