Cape Town - Izinkolo ngokwahlukana kwazo,
zinendlela ezenza ngayo izinto uma sekuyiwa ocansini phakathi kwabantu ababili.
USolwazi ophinde abe nesikhundla enkolweni yamaSulumane, eSaudi Arabia, u-`Abd al-Wahhâb al-Turayrî, ucwaninge ngendlela ekumele kwenziwe ngayo izinto uma amaSulumane ezithokozisa ngocansi.
Embhalweni womgcotswa, kucashunwe uMphofethi wale nkolo ethi abantu bangalwenza ucansi bebhekene noma owesilisa eqhamuka ngemuva kodwa kungalokothwa kusetshenziswe umgudu wokuzikhulula futhi abantu bangalwenzi uma owesifazane esezinsukwini zakhe.Funda nalolu daba: Ucansi lumnandi ngovuthondaba
Ngokusho komgcotshwa, uMphofethi akamelene nokuthi abantu bawotawotane benzane
konke, nokho akuvumelekile ukugwinya uketshezi oluphuma kuphathina uma
kudlaliswanwa.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).