Washington - Abantu besifazane abadla ama-noodles, noma yikabili ngesonto, bangazithola besenkingeni yokuhlaselwa yi-High High, phecelezi iHigh Blood Pressure, izinga likashukela elingaqondile kanjalo nokuba namafutha amaningi angadingeki emzimbeni i-High Cholesterol.
Lokhu kuvezwe ngabacwaningi eMelika.
Ucwaningo lwenziwe ngabeKorean National Health and Nutrition Examination Survey, eHarvard University.
Kutholakale ukuthi baku-68% abesifazane abasengcupheni yokuhlaselwa ukugula uma bedla ama-noodles noma yikabili ngesonto.
"Akukhathaleki noma owesifazane angadla ngendlela ehlelekile, aqinise kwinhlanzi nemifino, angaqhubeka nokuba sengcupheni uma kuwukuthi udla ama-noodles noma kabili ngesonto," kusho ucwaningo.
Yize noma kuhlolwe abantu abangaphezu kuka-2 000, akucaci ukuthi kungani inkinga ivele kwabesifazane kuphela ingaveli kwabesilisa.
Omunye wabacwaningo uFrank Hu, uthi angeke ibe khona inkinga uma isibhuda sizodla ama-noodles kanye noma kabili ngenyanga.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.