isiZulu Ama site/IZINHLELO >

IChile iyala ukubhacisa ummeli wase-Argentina

2012-05-18 12:07
Santiago - IChile yala iyaphetha ukubhacisa ummeli wezombusazwe owabaleka e-Argentina ebalekela ukubhekana namacala ahlanganisa ukuhlukunyezwa kwabantu, kusho izikhulu zezwe.

Ijaji u-Otilio Romano kuthiwa wenza amacala angu-103 ngesikhathi esebenza njengomshushisi e-Argentina phakathi kuka-1976 no-1983.

Wabaleka washiya izwe lakhe ngo-Agasti nyakenye ngaphambi kokulahlekelwa ngumsebenzi wakhe.

Umkhulumeli kamengameli u-Andres Chadwick, uthi sinqatshiwe isicelo sikaRomano sokubhaca.

"Siyawuhlonipha umthetho wase-Argentina, kumele ukuthi icala liqhubeke lithethwe ezweni likaRomano."


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)