Tel Aviv – Amasosha eHamas ahlele ukubulala ungqongqoshe wezangaphandle kwa-Israeli, u-Avigdor Lieberman, kanti futhi asekwazile ukuqoqa imininingwane mayelana nezindlela azozithatha, kusho umbiko wangoLwesine.
Uphiko lweHamas olusendaweni yaseBethlehem luhlela ukubulala uLieberman lusebenzisa ibhomu, kusho i-Ynet, okuyi-website yephephandaba iYediot Ahronot.
Le-website icaphune amasosha akwa-Israel, amaphoyisa kanye nenhlangano yezophumela yeShin Bet.
Funda nalolu daba: Bagwetshwe kanzima ababulala owayekhulelwe.
Lolu phiko luholwa u-Ibrahim Salim Mahmoud al-Zir, oneminyaka engu-37ubudala, kusho umbiko.
Lokhu kuhlasela okuhleliwe kuhloswe ngakho ukudlulisa umyalezo ezweni lakwa-Israel wokuba liyeke ukuhlasela iGaza.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.