U-Ashik Gavai, 17, wabalela ezibhedlela ngemuva kokuvuvukala komhlathi ongezansi wase ephuthunyiswa e-JJ Hospital, nalapho odokotela bethole khona ukuthi unesifo esaziwa nge-complex odontoma, kusho inhloko yodokotela bamazinyo, uSunanda Dhivare-Palwankar, etshela abezindaba ze-AFP.
"Samhlinza ngoMsombuluko nokwasithatha amahora ayisikhombisa. Sasicabanga ukuthi kuzoba uhlelo olwejwayelekile, kepha sathi sesiphakathi nomsebenzi sathola ukuthi kunamazinyo amancane amilayo emihlathini yakhe,” esho.
Kuthiwa ngemuva kwalokho baphinde bathole ithambo elisamabuli, nokwadingeka ukuthi balisike.
Ubaba waleli bhungu, uSuresh Gavai, uthe umndeni ubukhathazekile ngokuvuvukala kuka-Ashik, nobekusamdlavuza.
"Ngangikhathazekile ngizitshela ukuthi kungenzeka ukuba umfana unesifo somdlavuza ngase nginquma ukumyisa kodokotela baseMumbai," kusho uGavai etshela iphephandaba.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter