Kabul – Idelakufa liqonde esixukwini sabalandeli abebezobukela umdlalo we-Volleyball empumalanga yezwe lase-Afghanistan lafike laziqhumisa khona ngebhomu, kwashona abantu abangaphezulu kwabangu-40, kusho isikhulu sesifundazwe.
Okhulumela isifundazwe sasePaktia uMukhles Afghan uthe bangaphezulu kwabangu-40 abantu abalimele kulokhu kuhlasela okwenzeke esifundazweni sasePaktia, lapho bekubuthanele khona amakhulukhulu abantu ezobukela umdlalo wamanqamu.
Funda nalolu daba: Izigebengu ziqoqe kwasani kuma-akhawunti ebhange.
Uqhube
wathi iningi labantu abashonile bekuyizakhamuzi.
Khonamanjalo
umengameli we-International Olympic Committee ukugxekile lokhu kuhlasela
kwangeSonto akubize ngesenzo esiwubugwala.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).