Cape Towm - UShirley Zussman, ongudokotela wezocansi utshele iTime Magazine ukuthi indlela impilo esishesha ngayo kulezi zinsuku ilimaza ukuba lubemnandi ucansi.
"Abantu abasanawo amandla nogqozu olwanele uma benza ucansi ngenxa yengcindezi yokuthi kumele basebenze ngokuzikhandla ukuze benze imali eyanele, abantu bafuna ukuba nezinto eziningi, kubike iTimeslive.
"Ukuze ubenogqozu lokwenza kahle ucansi, uluthokozele, kudingeka ube namandla anele,” kusho uZussman ekhuluma nabephephabhuku.
"Ngake ngafikelwa yisigulu esathi: ‘Ngiyamthanda umyeni wami, ngiyathanda ukweza ucansi naye, kodwa ngibuya emsebenzini ngikhathele, kuvele kungenzeki lutho, kusho uZussman.
Ekhuluma ngokubuka izithombe zocansi, uZussman uthe: "Kade zaba khona, akuyona into entsha."
Kodwa nakuba kunjalo uzwakalise ukukhathazeka ngendlela abafana abasakhula abathanda ngayo ukubuka izithombe bese beyazimeteza ngesandla kunokuba bafune izintombi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.