New Delhi – Inkantolo yasehlathini eNdiya ikhiphe isinqumo sokuthi owesifazane, umyeni wakhe owabaleka nonkosikazi kamakhelwane, ayohlala nale ndoda eyashiywa noma ayinxephezele.
Amaphoyisa enza uphenyo kulandela ukuthi uRajendra Meghwal acela usizo kule nkantolo ngemuva kokuthi unkosikazi wakhe nezingane zabo ezimbili zanyamalala noKalulal Meghwal.
OLUNYE UDABA: Ishende lithi lithenwe umkamfundisi
Unkosikazi kaKalulah, uMamta, ubikele amaphoyisa ukuthi le nkantolo imyalele ukuba anxephezele uRajendra ngo-$4 775 noma ayohlala naye.
“Lo wesifazane ubengekho kule nkantolo, kepha ube esebikela amaphoyisa ngemuva kokuthola umyalelo othi kumele ayohlala noRajendra,” kusho okhulumela amaphoyisa uSanjay Kumar etshela abe-AFP.
Akucaci noma lo wesifazane ubeganiselwa uRajendra noma ubeyoba yisicashalala sakhe na.