Farmingdale – Ubulawe ngesihluku usolwazi ngesikhathi enqunywa ikhanda
yindodana yakhe ethikamezeke ngomqondo yabe isimlaxaza maphakathi
nomgwaqo.
Ngokombiko we-Timeslive umzimba kaPatricia
Ward oneminyaka engu-66 ubudala utholaka usuqala ukonakala phakathi komgwaqo.
UWard ubefundisa izifundo zolimi esikhungweni semfundo ephakeme eFarmingadale
State College.
OLUNYE UDABA: Umbulali ushumpulwe ikhanda
Kubikwa ukuthi utholakale ephuke izimbambo egwaziwe
ngokuphindelela kanti ikhanda lakhe
litholaka buqamama nomzimba wakhe.
Kubikwa ukuthi ngemuva kokugila lo mhlola
indodana ibe isiziyisa kwagoqanyawo.
Umphakathi ushaqekile ngalesi sigameko
kwazise iningi belingakholwa ngelikuobonile.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho