isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Ingozi ibulale 16 Ndiya

2012-07-27 10:01
Srinagar - Kushone abantu benkolo yamaHindu abangu-16 bebuya emcimbini waminyaka yonke eKashmir ngesikhathi iloli ebebehamba ngayo ikhalakathela eweni, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu.

Le loli ebelithwele abantu ababalelwa ku-30 liphaphalaze laphuma emgwaqeni layophonseka eweni ngoLwesine ebusuku, kusho okhulumela amaphoyisa.

"Kule ngozi abantu abangu-16 bafe ujuqu kwathi abanye balimala," esho etshela i-AFP.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Sapa - AFP
Ad:Funeral Cover from R29/m
«Emuva
Ad:Standard Bank Life Cover