Moscow - Isikhangisi ebesikhombisa owesifazane eveze amabele, siholele ekutheni kuphazamiseke abashayeli emgwaqeni, kwadaleka izingozi ezingu-500 ngosuku olulodwa.
Isithombe sowesifazane besinamekwe amalolini angu-30, abezulazula eMoscow.
Besihambisana nombhalo othi "Ayaheha".
Abashayeli bafake isikhalazo enkampanini ebiyenza isikhangisi.
Funda nalolu daba: Isikhangisi kudayiswa uZuma
Okhulumela abakwa-AdvTruck.ru, uthe bazama ukuheha abanikazi bamabhizinisi ukuthi bafake izikhangisi zabo emalolini kuze zizobonwa abantu abaningi emigwaqeni.
"Besizama ukudonsa abantu," kusho isitatimende senkampani.
Abezindaba zeDaily Mail, bathi abanikazi bezimoto ezilimele bathole isinxephezelo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.