Melbourne – Kuphenywa ikolishi lamaSulumane e-Australia kulandela ukuputshuka kombiko othi uthishanhloko usevale amantombazane ekugijimeni ngenxa yokuthi “angase alahlekelwe ubuntombi bawo”.
UNgqongqoshe wezeMfundo eVictoria State uJames Merlino uthe uma lokhu kuyiqiniso kuyobakhathaza kakhulu.
"Ngicele abalawuli bezikole, iVictorian Registration and Qualifications Authority, ukuba yenze uphenyo,” esho esitatimendeni.
OLUNYE UDABA: Bakhala ngotikoloshe obaqeda ubuntombi
Kuthiwa owayenguthisa kulesi sikole wabhalela ongqongqoshe wathi “uthishanhloko u-Omar Hallak unezinkolelo zokuthi uma izingane zamantombazane zigijima ngokweqile, zingase zilahlekelwe ubuntombi bazo,” kusho umbiko.
“Uthishanhloko ukholelwa ukuthi kunobufakazi besayensi obufakazela le nto ayishoyo.”
Kuthiwa uthi uma amantombazane edlala ibhola lezinyawo angase angabatholi abantwala.