Dongguan - Ushaqeke koma nasozwaneni owesilisa obeye kwadokotela ukuyohlolwa indlebe kwatholakala ukuthi kugcwele amakokoreshe endlebeni yakhe, ngokusho kombiko.
UMnu Li odabuka edolobheni laseDongguan eningizimu yaseChina esifundazweni saseGuangdong, uvuke phakathi kwamabili ekhala ngezinhlungu endlebeni yakhe yangakwesokudla, ngokubika kwe-Independent.
Ngesikhathi uDkt Yang Jing wasesibhedlela iChang'an Xiaobian Hospital emxilonga uhlangabezane nokushaqeka okumethuse kakhulu.
OLUNYE UDABA: ‘Abefundisi kumele babaxolele abahushula izisu’
"Ngibone inqwaba yezilwanyana ezincane endlebeni yakhe ebezivale indlebe."
UDkt Yang uthe ukhiphi ikokoroshe elikhulu lesifazane nenqwaba yamanye amancane abembondelene ngaphakathi endlebeni yakhe.
UDkt Yang uthe uthole cishe amakokoroshe amancane angu-25 endlebeni kaMnu Li nokwenze kwasolakala ukuthi leli kokoroshe lizalele endlebeni yakhe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter