UBrett Rice wayalelwa ukuba athathe amasakana akhe aphume aphele eNgilandi alibhekise eNingizimu Afrika, yize azalelwa waphinde wakhulela eZimbabwe, kubika i-Independent Media Foreign Service.
Izikhulu zaseBrithani zathi yena nophathina wakhe uMatt Mallinson abaholi imali eyanele ukuba yena angahlala kuleliya lizwe.
OLUNYE UDABA: Kuncengelwa isitabane sase-Uganda esiboshwe kuleli
“Ngiyithanda impela iNingizimu Afrika njengoba nginomndeni ePitoli naseThekwini, kepha impilo yami ilapha eWest Yorkshire. Ngifuna ukuhlala la ngibe noMatt.
“Kuthe uma lingivuna icala, ngajabula kakhulu,” kusho uRice.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter