Inyunyana iNational Nurses United (NNU) ifuna amalungu ayo ezibhedlela ezingu-12 zesifunda saseColumbia atelekele ukuba kuqinisiwe ezokuvikeleka kulesi sifo se-Ebola, kusho leli qembu ku-website.
OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa abezempilo ngesifo i-Ebola
I-NNU inamalungu angu-180 000 isola izibhedlela zase-United States ngokubeka engozini abasebenzi bezempilo ekulweni nalesi sifo esesibhubhise abantu abayizinkulungwane eWest Africa.
Amanesi amabili eTexas angenwa yilesi sifo ngemuva kokuhlangana nesiguli esine-Ebola kodwa imphumela yatshengisa ukuthi abanaso lesifo ngemuva kokuhlolwa.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho