New Delhi – Isiteshi sikambonakude eNdiya sibe ngesokuqala ukuqasha umuntu ozishintshe ubulili ngemuva kwezinyanga ezinhlanu inkantolo iphasise umthetho othi lolu hlobo lwabantu sebevumelekile ngokusemthethweni kuleli lizwe.
UPadmini Prakas oneminyaka engu-31 ubudala uqashwe yisiteshi iLotus News edolobheni eliseningizimu iTamil Nadu.
Ngokombiko utshele iphephandaba iTimes of India ukuthi ubhekane nobukhulu ubunzima aempilweni yakhe yonke okuhlanganisa nokulaxazwa wumndeni wakhe ngemuva kokuba ezishintshe ubulili.
OLUNYE UDABA: Ubulili bulawulwa yisitho sangasese - Umbono
Uthe lokhu kwamphoqa ukuthi asebenze njengomdansi ngaphambi kokuthi abe ngumlingisi.
Izwe laseNdiya liyaziwa ngamasiko nezenkolo ezahlukene kanti iningi lazo alihambisani nale mpilo yokushintsha ubulili nezitabane.
Kubikwa ukuthi baningi abantu abazishintshe ubulili eNdiya kanti sekunezinhlangano ezisunguliwe ezibesekayo ngempilo abayiphilayo.
Nakuba inkantolo yabagunyaza ukuthi babe semthethweni kodwa kusenzima ukuthi bathole imisebenzi kanti labo lize liphoqeleke ukuthi lisebenze ngengabaqwayizi ukuze baphile.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho