Nepal - INepal isivale ukuhambela kwabesifazane abangaphansi kweminyaka engu-30 ukuba baye emazweni ama-Arab kulandela izigameko eziningi zokuhlukunyezwa ngokocansi, kubike abezindaba bakuleliya lizwe ngoLwesine.
Izinkulungwane zabesifazane iningi labo abangaphansi kweminyaka engu-25 ubudala, bashiya eHimalaya ngenxa yenhlupheko minyaka yonke bayosebenza imisebenzi eyahlukene emazweni ama-Arab.
"Ukuhlukunyezwa kwabesifazane kwenze ukuba iKhambinethi ishaye umthetho ovimbela ukuba abesifazane abangaphansi kweminyaka engu-30 ubudala bayosebenza kulamazwe. Abadala kunale minyaka abekho sengozini bona."
Babalelwa ku-50 abesifazane baseNapal abazibulala eLebanon ngo-2010 kulandela ukuhlukunyezwa ngokocansi, kusho imibiko yabezindaba.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).