Gawuhati - Iziphathimandla zasejele laseNdiya bezimatasa zixhuma izintambo njengoba kufakelwa omabonakude ejele ngemuva kokuba ijaji lithe kufanele kuqinisekiswe ukuthi iziboshwa ziyawubuka nazo umdlalo weNdebe woMhlaba wekhikithi.
"Iziboshwa ziyadinga ukuba ziqaqeke imiqondo," kusho ujaji A.k Goswami ngoLwesithathu ngesikhathi etshela abaphathi bamajele ukuba bafake omabonakude ejele elise dolobheni laseGuwahati ezinsukwini eziyisihlanu ezilandelayo.
Owejele eliphakathi nedolobha lesifunda sase-Assam uthe sekuqaliwe ukufakwa komabonakude ejele.