UJason Richard Stevens oneminyaka engu-39 ubudala ushonele esibhedlela ngemuva kokudutshulwa izikhawu eziningi ngesikhathi edlala i-snooker eSao Paulo.
OLUNYE UDABA:Kudutshulwe abane ebumnandini eGoli
Amaphoyisa endawo athi izigebengu zigulukudele endaweni yokucima ukoma e-Interlagos ngezithuba zabo-23:00 ebusuku ngoLwesithathu.
Kuzwakale ukuthi ushayasibhamu oyedwa ubeme esicabheni egadile omunye ematasa ephuca abantu izinto zabo ngamunye.
UMnz Stevens udutshulwe esiswini, engalweni nasonyaweni yilo shayasibhamu ngesikhathi ezama ukuxoxa naye, kubika abeMirror.
Izigebengu zibaleke ngemoto yohlobo lweFord Fiesta emnyama.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho