Cape Town - Inkampani egqugquzela amalungelo abantu besifazane isebenze nabantombazane aseminyakeni esukela kweyisithupha ubudala, ngenhloso yokubeka obala intukuthelo yabesifazane ngokungalinganiswa kwabo emphakathini.
Amantombazane agqokiswe kahle okwezingelosi kodwa aqhulula inhlamba ekushiya ushaywa amahloni.
Funda nalolu daba: Ukhulile umnotho wezwe
Inhloso yalokhu kuthiwa ukuveza intukuthelo "ngokwenzelwa"phansi kwabantu besifazane, uma kuqhathaniswa nabesilisa.
Izibalo zithi abesifazane baholelwa imali engaphansi kakhulu uma kuqhathaniswa nabesilisa, noma bengenza umsebenzi ofanayo kungenjalo abesifazane babhekwa kakhulu ukuthi babukeka kanjani esikhundleni sokubheka ukuthi ini abakwazi ukuyenza.
Izingane lezi zibala zonke izinto ezicikayo ngokuba umuntu wesifazane, zizwakala zilokhu zifokofisa, zize zisho nokuthi umutnu akadingi ukuba netotolozi kuze ezoba nendawo emphakathini.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.