Britain – Izithandani zase-United Kingdom zithi ingane yazo yasindiswa amaphilisi omvusankuzi (Viagra) ngesikhathi isasesiswini, kusho umbiko.
Indodakazi kaLaura noDave Liggins, uCasey, yazalwa ngaphambi kwamasonto angu-11 kushaye isikhathi inesisidno esingu-590g.
Wathi uLaura eye kudokotela, watshelwa ukuthi ingane yakhe ayikhuli kahle esiswini.
OLUNYE UDABA: Kushone indoda ephathini yocansi
Yathi uma ihlolwa le ngane kwatholakala ukuthi igazi aligijimi ngendlela ukuze lingene enkabeni yengane.
Odokotela babe sebecela uLaura ukuba adle i-viagra ukuze la maphilisi ezokwazi ukunikeza igazi umfutho ukuze ingane izokhula kahle.
“Uma ngibuka uCasey manje angikholwa ukuthi usekhule kangaka, ukucabanga nje ukuthi wacishe wangabikhona. I-viagra yayisiza impilo yengane yami.”