Vienna – Amaphoyisa ase-Austria abophe abasolwa abathathu ngezinsolo zokushushumbisa abantu ebhanoyini elibangisa e-United State noma eBrithani.
Umshushisi woMbuso uFriedrich Koehl uthe laba babhekene namacala cishe angu-11 okushushumbisa abantu.
Uthe laba basolwa basebenzela inkampani yonogada ezimele eqashwe yinkampani yezindiza i-Austrian Airlines.
OLUNYE UDABA: Kushone 38 kuqubuka umlilo ekhaya lezaguga
UKoehl uthe ngoLwesbili laba bebesebenzisa amandla abo ngokuthenga amathikithi bese bedlulisa abantu ngaphandle kokuhlola imininingwane namaphepha emvume yokuphuma kuleli lizwe.
Kubikwa ukuthi ithumba liqhume ngesikhathi omunye wabantu owadlula ngaphandle kwemvume ephindiselwa emuva e-US.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho