London - Kuboshwe izithandani ezaphoqa ingane yomfana eneminyaka engu-15 ubudala ukuba yenze ucansi.
UJohn Ford, 47, wanikeza lomfana izidakamizwa zohlobo lwe-meow-meow ngaphambi kokuba amphoqe ukuba enze ucansi nentombi yakhe enezingane zabo ezimbili uNicole Mason, 25, emzini wabo oseHolyhead eNorth Wales.
Icala labo lathethwa enkantolo iCaernarfon Crown okuyilapho uMason agwetshwa iminyaka emthathu ejele uFord yena wanikwa emine nesigamu ejele.
OLUNYE UDABA: Izithandani zithi bezingenayo indawo yokwenza ucansi
Lesi sigameko senzeka izikhawu ezimbili, kubika abeMirror.
UFord waqguqguzela lesenzo ethi umangabe lo mfana engakwenzi kuyobe kucaze ukuthi utabanile.
UFord wayebuka ngesikhathi umfana noMason benza ucansi.
Kwakungokokuqala umfana enza yucansi, "okuyinto angasoze ayikkhohlwa empilweni yake."
UMshushisi Mr Wilson uthe lo mfana ukhathazekile ngokuthi kungenzeka ukuba enye yezingane zikaMason eyakhe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho