Montreal – Kuboshwe owesifazane kulandela ukutholakala kwezidumbu zezingane
esezonakele endaweni yokugcina izimpahla edolobheni elisentshonalanga yeCanada
eWinnipeg ngokusho kwamaphoyisa.
Kubikwa
ukuthi u-Andrea Giesbrecht oneminyaka engu-40 ubudala uboshwe ngoLwesithathu
wathweswa amacala okutholakala nezidumbu okuyinto ephambene nomthetho.
“Amaphoyisa athole ukuthi le ndawo yokugcina
izimpahle ngekabani nokuyilapho ethathe khona izinyathelo zomthetho,” kusho
amaphoyisa ngesitatimende.
Iziphathimandla phambili zibike ukuthi zine izidumbu ezitholakele kodwa
ngemuva kokuyiphenyisisa le ndawo
kutholakale izidumbu eziyisithupha kanti besezonakele.
OLUNYE UDABA: Ngeke abekwe elokubulala owasoconga izingane zakhe
Isitatimende samaphoyisa
siqhube sathi amaphoyisa asaphenya kanti lezi zidumbu zisazocutshungulwa
ukutholakale ukuthi ngezakuphi futhi kube yini imbangela yokufa.
“Ukuhlolwa
kwalezi zidumbu kungathatha izinyanga njengoba kusamele kutholakale ukuthi
ngezakuphi lezi zingane futhi zineminyaka emingaki,” kusho isitatimende.
Kubikwa ukuthi lezi zidumbu zitholakale ngoMsombuluko ngesinye sezisebenzi
ezisebenza ngaphakathi kuyona le ndawo yokugcina izimpahla.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho