Sydney – Umama wase-Australia uthweswe icala lokuzama ukubulala ngoMsombuluko ngemuva kokuba usana lwakhe lutholakale lukhala esitamkokweni eceleni komgwaqo eSydney, kanti amaphoyisa akholelwa ukuthi beseluhlale khona izinsuku ezinhlanu.
Obedlula ndlela uzwe ingane iqandula phakathi esitamkokweni ngasemgwaqeni omkhulu ngeSonto.
Ngemuva
kokuba abantu bekwazile ukusivula isitamkoko, kubonakale usana lomfana,
lusongwe ngebhayi lasesibhedlela.
Funda nalolu daba: Amaphoyisa abulale ona-12 obephethe esethoyizi.
Owesifazane oneminyaka engu-30 ubudala uthweswe icala lokuzama ukubulala ngemuva kokuba amaphoyisa echithe amahora amaningi ebheka amabhuku esibhedlela ebuza nakomakhelwane.
Ugcinwe
esitokisini njengoba kungase kube lula ukuba alifulathele leliya lizwe ngoba
abazali bakhe nezihlobo zakhe bahlala eSamoa.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.