Perth - Amadoda angu-8 ase-Australia akhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngamacala ahlobene nocansi abekwe wona njengoba esolwa ngokugila le mikhuba enganeni, 13.
Kuthiwa le ngane yahlukunyezwa ngokocansi iminyaka emibili, kanti kubasolwa kukhona nobaba wayo.
Abaseshi babophe la madoda, aphakathi kweminyaka engu-35 no-47 ubudala, ngesonto eledlule kulandela ukulunywa indlebe umphakathi ngo-Ephreli.
Babhekene namacala angu-503, okubalwa kuwo ukulala nengane eneminyaka engu-13 ubudala, ukuyigxisha izidakamizwa, ukuqopha kuhlukunyezwa le ngane kanye nokusatshalaliswa kwezithombe zocansi.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe ubaba, ubhuti nomalume ngelokudlwengula
Kuthiwa omunye wabasolwa utholakale nama-video ocansi angu-200 000 kanye nezithombe eziyizigidi ezine.
"Baqukethe izithombe ezinyanyisayo, ngiphelelwa amazwi uma kumele ngichaze engikubonile," kusho uSuperintendent Glenn Feeney.
Le ngane igcinwe endaweni ephephile.